2012-12-07 14:41
Njengoba abaningi bethamunda ngomdlalo womkhaya baseSoweto, umqeqeshi weBloemfontein Celtic uClinton Larsen uthi nowomkhaya baseFree State uzoba nomuzwa ofanayo.
2012-12-07 12:02
Umqeqeshi wezikaMagebhula, i-Orlando Pirates, uRoger De Sa uthi okuzokwenzeka eSoccer City, angakufanisa nokwabonwa yigungane lijahwa yikati.
2012-12-07 10:01
Umelekeleli womqeqeshi weKaizer Chiefs uDoctor Khumalo, uthi ukusebenzisana yikona okuzokwenza ezakhe ziphumelele uma sezibhekene nomkhaya bazo i-Orlando Pirates.
2012-12-06 12:02
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger de Sa uyavuma ukuthi umdlalo wabo womkhaya ozoba ngempelasonto ubusemiqondweni yabo ngesikhathi bedlala neChippa United.
2012-12-05 14:02
Umqeqeshi weBloemfontein Celtic uClinton Larsen uthi ujabule ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo ngesikhathi lidlala ngokulingana ngo 1-1 neSuperSport United.
2012-12-05 10:01
IMamelodi Sundowns izodlala ngaphandle kukaNyasha Mushekwi uma isitholana phezulu neFree State Stars, kodwa kungenzeka ukuthi abe khona uKatlego Mphela.
2012-12-04 14:03
Umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund uveze ukuthi unyazi lomdlali uSteven Pienaar, yinto yokugcina esemqondweni wakhe njengoba kubhekwe kweye-Afcon.
2012-12-04 10:04
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger De Sa ukhathazekile ngokungabi khona kukaSifiso Myeni uma ezakhe sezitholana phezulu neChippa United e-Athlone Stadium.
2012-12-03 16:28
Umqeqeshi omusha weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi udinga isikhathi kuze ezokwazi ukutakula iqembu lakhe elidonsa kanzima emsileni.
2012-12-03 12:02
Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi eNelspruit njengoba kulindeleke ukuba kuphume ilanga lokuqulwa kwecala abekwa lona.
2012-11-30 12:04
Umqeqeshi weBloemfontein Celtic uClinton Larsen usexwayise ngokuthi ukungenzi kahle kweMamelodi Sundowns emidlalweni yeligi ngeke kusho lutho kowangempelasonto.l
2012-11-30 07:44
Umdlali uSurprise Moriri uzobe edlala umdlalo wesikhombisa wamanqamu uma iMamelodi Sundowns isibhekene neBloemfontein Celtic koweTelkom Knockout.
2012-11-29 12:01
Umdlali ogijima esiswini kuKaizer Chiefs uWillard Katsande uthi kunobudlelwano obukhululekile phakathi kwabadlali nabaphathi babo eNaturena kule sizini.
2012-11-28 14:03
Umdlali odlala esiswini waseZambia owayedlalela i-Orlando Pirates u-Isaac Chansa uthi imnandi impilo eChina, futhi uzimisele ngokuqhubeka ehlale khona.